Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 20:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 20:27
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.


Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.


Uma bebemi emkhandlwini wami, nga bezwisile abantu bami amazwi ami, bababuyise endleleni yabo embi, nasebubini bezenzo zabo.


“Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.


UJeremiya umprofethi wayesekhuluma onke lawo mazwi kuSedekiya inkosi yakwaJuda eJerusalema,


Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.


yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala;


nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,


kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?


kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,


kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ