Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 20:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 20:24
59 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Labo abathathu bafohla ikamu* lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:


ngokuba nginabafowethu abayisihlanu, ukuze afakaze kubo, bangezi nabo kule ndawo yobuhlungu.’


Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.


Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.


ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.”


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’


Nokho bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.


Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.


Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele.


“Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo, yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo.


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe.’ ”


INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,


kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.


Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo;


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.


Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali,


Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.


simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.


Nginesibindi esikhulu ngani, nginokuzibonga okukhulu ngani; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo.


UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu.


Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;


ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.


Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu.


ukuba kunganyakaziswa muntu ngalezo zinhlupheko; ngokuba niyazi nina ukuthi simiselwe lokho.


ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.


nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.


kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.


kepha ngesikhathi esifaneleyo ubonakalisile izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswayo ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu,


Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;


Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.


NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.


Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.


Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ