Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 2:46 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

46 Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 2:46
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”


Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.


Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.


“Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.


Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.


Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.


Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu.


wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.


Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.


Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.


UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.


Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.


abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.


oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.


Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.


Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama, balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,


niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.


nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.


wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ