Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 19:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Kepha lapho abanye sebeqinise amakhanda, bengalaleli futhi bejivaza leyo Ndlela phambi kwesixuku, wasuka kubo, wathatha abafundi, waba nezinkulumompikiswano imihla ngemihla esikoleni sikaTharanu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 19:9
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha abalalelanga; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.


Ningabi ntamo elukhuni njengawoyihlo, kepha nimnike uJehova isandla senu, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kini.


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo, baphendula ihlombe ngenkani, benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.


ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba, njengasosukwini lwaseMasa ehlane,


Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.


Uyakuba ngokungcwele, futhi abe yitshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli, abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”


Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.’


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”


Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka.


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba.


“Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.”


kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.


Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli.


Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.


Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela.


Kepha uPawulu esefuna ukungena phakathi kwabantu, abafundi abamvumelanga.


Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.


ngayizingela leyo Ndlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane,


ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: ‘Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.’ ”


Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.


Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.


nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.


Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.


nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.


Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,


Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,


nabaningi bayakulandela amanyala abo; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa;


Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo, nalokho abakwaziyo ngemvelo njengezidalwa ezingenangqondo babhubha ngakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ