Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 18:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Esehlale khona isikhathi esithile wamuka wadabula izwe laseGalathiya nelaseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Kwathi esehlale khona isikhathi esithile, wahamba, wadabula eGalathiya naseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 18:23
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo.


“Mina-ke, ngomnyaka wokuqala kaDariyu umMede, ngema ukumqinisa ukuba abe namandla.


kwasengathi kuhle nakimina, lokhu ngizihlolisisile zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ngikulobele ngokulandelana, Theyofilu odumileyo,


kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”


Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.


Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya;


Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile,


naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,


Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.


nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya:


Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.


nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.


Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu


Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ