Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 17:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Nezikhathi zokungazi uNkulunkulu wazishaya indiva; kepha manje uyala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Nezikhathi zokungazi uNkulunkulu wazishaya indiva; kepha manje uyala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 17:30
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.


Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa, kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize.”


“Bathi kuye: ‘Ngokuba akakho osiqashileyo.’ “Wathi kubo: ‘Hambani nani, niye esivinini.’


“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”


Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”


wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”


Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”


Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Bathi ukuzwa lokho, bathula, badumisa uNkulunkulu, bathi: “Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”


othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo.


Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?


ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;


ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili


Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.


Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ