Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 17:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Khona masinyane abazalwane bamukisa uPawulu ukuba ahambe ngaselwandle, kepha oSila noThimothewu basala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Khona masinyane abazalwane bamukisa uPawulu ukuba ahambe ngaselwandle, kepha oSila noThimothewu basala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 17:14
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:


Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,


Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,


Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.


Abamphelekezelayo uPawulu bamfikisa e-Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka.


Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.


kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha,


Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no-Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya.


wahlala khona izinyanga ezintathu; abaJuda sebenzile icebo ngaye esezakumuka ngomkhumbi ukuya eSiriya, wazimisela ukubuyela emuva edabula iMakedoniya.


Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma.


Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.


Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,


Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo, umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala,


Wathi kuwo: “Khuphukelani entabeni, funa abanixoshayo banifice, nicashe khona izinsuku ezintathu, ukuze abanixoshayo babuye, andukuba nihambe indlela yenu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ