Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 16:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Ngakho-ke amabandla akhula ekukholweni, anda ngesibalo imihla ngemihla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 16:5
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.”


Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya, inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.’ ”


Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.


benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane,


Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.


Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.


Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,


ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu


Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,


Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ