Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 16:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, wabona iminyango yetilongo ivulekile; wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wathi iziboshwa ziphunyukile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Umgciniziboshwa esephapheme, wabona iminyango yejele ivulekile, wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wayecabanga ukuthi iziboshwa zeqile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, ebona iminyango yetilongo ivulekile, wahosha inkemba yakhe, efuna ukuzibulala, ngokuthi iziboshwa zibalekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, ebona iminyango yetilongo ivulekile, wahosha inkemba yakhe, efuna ukuzibulala, ngokuthi iziboshwa zibalekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 16:27
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


Kwathi uZimri esebonile ukuthi umuzi uthathiwe, wangena enqabeni yendlu yenkosi, wayishisa indlu yenkosi phezu kwakhe ngomlilo, wafa


Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.


UHerode esemfunile engamfumananga, wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.


Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.”


Umgciniziboshwa wabikela uPawulu lawo mazwi, wathi: “Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho phumani manje, nihambe ngokuthula.”


Wayeseshesha ebiza udibi olwaluphethe izikhali zakhe, wathi kulo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuba abantu bangasho ngami ukuthi: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Udibi lwakhe lwase lumgwaza, wafa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ