Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 16:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Ngokuphazima kweso kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwanyakaza nezisekelo zejele; masinyane yonke iminyango yavuleka, namaketango ababeboshwe ngawo, athukululeka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 16:26
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni, imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu; ingonyama ayidlanga isidumbu, ayidwengulanga nembongolo.


ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa, akhulule abantwana bokufa,


obenzela abacindezelweyo ukwahlulela, obapha abalambileyo ukudla; uJehova uyakhulula iziboshwa.


uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.


Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho; londoloza ngobukhulu bengalo yakho asebengabantwana bokufa.


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.


Sebedlulile kubalindi bokuqala nabesibili bafika esangweni lensimbi eliya emzini, labavulekela ngokwalo, baphuma, badlula isitaladi saba sinye; ingelosi yayisimshiya masinyane.


Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ