Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 16:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Owesifazane othile, ogama lakhe linguLidiya, wasemzini waseThiyathira, othengisa ezibukhwebezane, okhonza uNkulunkulu, walalela. INkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba alalelisise lokho okwakukhulunywa nguPawula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, womuzi waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, wasizwa, onhliziyo yakhe iNkosi yayivula ukuba alalele okwakhulunywa nguPawulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, womuzi waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, wasizwa, onhliziyo yakhe iNkosi yayivula ukuba alalele okwakhulunywa nguPawulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 16:14
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


Othandiweyo wayesengenisa isandla sakhe embotsheni, izibilini zami zamhawukela.


INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.


Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini.


wayengumuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.


Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.


Khona sebehlakazekile abesinagoge,* abaningi babaJuda namaproselite* aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.


Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.


Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.


Wasuka lapho, weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.*


Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;


Ngakho-ke akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu.


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ