Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 15:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

36 Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Kwathi emva kwezinsuku ezithile uPawulu wathi kuBarnabasi: “Asibuye sihambele abazalwane bethu emizini yonke esishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi banjani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Kwathi emva kwezinsuku ezithile uPawulu wathi kuBarnabasi: “Asibuye sihambele abazalwane bethu emizini yonke esishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi banjani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 15:36
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.


Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: “Ake ngihambe, ngibuyele kubafowethu abaseGibithe, ngize ngibone ukuthi basekhona yini.” UJetiro wathi kuMose: “Hamba nokuthula.”


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini,” usho uJehova.


ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’


ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambanga.’


Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi.


Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi.


Bona-ke babavuthululela uthuli lwezinyawo zabo, beza e-Ikoniyu.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bezuzile abafundi abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya,


bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona,


“Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,


ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.


Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini, esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu, nokuthi nisikhumbula kahle njalo, nokuthi nilangazelela ukusibona, njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,


ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ