Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 14:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 14:17
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi emva kwezinsuku eziningi izwi likaJehova lafika ku-Eliya ngomnyaka wesithathu, lathi: “Hamba uzibonakalise ku-Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.”


Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo, badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.


Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu, aphane kakhulu ngokudla.


Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithika emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.


yena onisa imvula emhlabeni, athume amanzi ebusweni bamasimu,


UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


Ubeke injabulo enhliziyweni yami edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.


Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


kepha bheka, nakhu ukujabula, nokuthokoza, nokubulala izinkabi, nokuhlaba izimvu, ukudla inyama nokuphuza iwayini, ngokuthi: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”


Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na?


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo, asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’


Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.


Jabulani, bantwana baseSiyoni, nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga, unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni.


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.


Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli.


wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,


ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.


“UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ