Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 13:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Kwathi ukuba umbusi abone okwenzekile, wakholwa, emangaliswa nayimfundiso yeNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Khona umbusi ebona okwenzekileyo wakholwa, emangazwe isifundiso seNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Khona umbusi ebona okwenzekileyo wakholwa, emangazwe isifundiso seNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 13:12
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”


Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”


Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


Izikhonzi zaphendula zathi: “Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.”


Kwathi abezizwe bekuzwa lokho, bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.


owayekhona kumbusi wezwe uSergiyu Pawulu, umuntu onengqondo enhle. Yena wabiza oBarnaba noSawulu, wafuna ukuzwa izwi likaNkulunkulu.


Kodwa u-Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa, wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi.


Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”


Kwathi uGaliyu engumbusi wase-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,


Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki.


Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.


Ngakho uma uDemetriyu kanye nezingcweti zabakhandi besiliva benendaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, bakhona nababusi; mabamangalelane.


Babe ngamadoda angathi ishumi nambili bebonke.


Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu.


kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.


Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ