Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 13:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Wathi: “Wena ogcwele ubuqili bonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuphendukezela izindlela eziqondileyo zeNkosi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wathi: “Wena ogcwele ubuqili bonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuphendukezela izindlela eziqondileyo zeNkosi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 13:10
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera* kwaJuda.


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


Indaba kaJehova anisayikuyikhumbula, ngokuba izwi lalowo nalowo muntu liyakuba yindaba yakhe, lokhu niwahlanekezele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uJehova Sebawoti, uNkulunkulu wethu.


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;


Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


Yayisithi iNkosi kuye: “Manje-ke nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi.


“Maye kinina zazimthetho, ngokuba nisisusile isihluthulelo sokwazi! Nina uqobo lwenu aningenanga, nabangenayo nabavimbela.”


Wathi: “Ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ ” njengalokho washo u-Isaya umprofethi.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.


Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.


elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu.


ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;


beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,


owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ