Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 12:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 UHerode wayebathukuthelele abantu baseThire nabaseSidoni, kodwa beza kuye benhliziyonye. Kuthe sebevumelene noBlastu, induna yesigodlo senkosi, bacela ukuba babe nokuthula, ngokuba izwe lakubo lalondliwa ngelenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Kepha uHerode wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; ngoba ilizwe labo londliwa yilizwe lenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha uHerode wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; ngoba ilizwe labo londliwa yilizwe lenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 12:20
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,


Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.


Bheka, ngiyakunika izinceku zakho, abagawuli abagawula imithi, amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo, namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali,* namabhati* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.”


“Ngalokho ukolweni, nebhali,* namafutha, newayini, inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthume kuzo izinceku zayo.


Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari* eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.


Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.


Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.


Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisana ukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.


Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.


“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*


“Inkosi yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenze ngokuhlakanipha, ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.


Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu.


Kwathi sekuqhamuke iKhupro, sesilishiyile ngakwesokhohlo, saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla.


Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.


umkhawulo wajika waya eRama, nasemzini obiyelweyo waseTire; umkhawulo wajika waya eHosa; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ