Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 11:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 11:20
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe.


Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?


Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.


Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;


kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.


Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.


Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni lakhona abaprofethi nabafundisi: oBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki,* noSawulu.


Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile.


Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,


baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.


Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi.


Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo,” ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.


esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya.


naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,


Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa,


abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.


Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.


Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya,


Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;


UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.


UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu.


Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala.


Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.


Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ