Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzAga 14:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Emlonyeni wesiwula kuhluma ukuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Emlonyeni weziwula kukhona induku yokuziqhenya, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzAga 14:3
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakufihlwa enkalivasini* yolimi; awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.


UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; ngilala kwabavutha umlilo, abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Amazwi ababi aqamekela igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabophula.


Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.


Lapho kungekho khona izinkomo, umkhombe awunalutho, kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.


Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana, nomlomo waso ubiza imivimbo.


Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.


Ozidlayo nozigabisayo, yisideleli igama lakhe, yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.


Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.


Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana, kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.


nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu, olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.


Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;


Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.


Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ