Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiLilo 3:66 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

66 Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

66 Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise, kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

66 Basukeleni nibabhubhise ngokufutheka phansi kwezulu likaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiLilo 3:66
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.


Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.


Mababe njengamakhoba emoyeni, ingelosi kaJehova ibadudule.


Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi, ingelosi kaJehova ibaxoshe.


Uma bengithe, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.


Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


“Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”


Uyazi wena Jehova; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Wazembesa ulaka, wasixosha, wabulala, ungahawukelanga.


U-Israyeli ukulahlile okuhle; isitha siyakumxosha.


Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu; awuyikukhohlwa lokho.


uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uqede igama lawo phansi kwezulu; akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho, uze uzichithe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ