Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsAmbulo 9:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Isikhonyane sasifana namahhashi aboshelelwe ukuya empini, emakhanda aso kukhona okufana nemiqhele enjengegolide, ubuso baso bufana nobuso babantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa; emakhanda azo kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bazo bunjengobuso babantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa; emakhanda azo kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bazo bunjengobuso babantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsAmbulo 9:7
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.


“Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.


Izikhulu zakho zinjengezinkumbi, nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza, kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke, ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.


Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.


Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ