Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsAmbulo 9:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte* nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Khona manjalo ngabona embonweni amahhashi nabawagibele befake izivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule. Amakhanda amahhashi ayenjengamakhanda amabhubesi, ekhafula umlilo emilonyeni yawo, umusi nesibabule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngabona kanjalo embonweni amahhashi nabahlezi phezu kwawo benezivikelo zesifuba zomlilo, nezehiyakinte, nezesibabule, namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama; emilonyeni yazo kwakuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngabona kanjalo embonweni amahhashi nabahlezi phezu kwawo benezivikelo zesifuba zomlilo, nezehiyakinte, nezesibabule, namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama; emilonyeni yazo kwakuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsAmbulo 9:17
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.


KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:


Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.


Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa, engakafiki ophunyukileyo, kepha wavula umlomo wami engakafiki kimi ekuseni; wavulwa umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.


Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi.


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


esesihlanu yisaridonikisi,* esesithupha yisardiyu,* esesikhombisa yikrisolithe,* esesishiyagalombili yibherile,* esesishiyagalolunye yitopazi,* eseshumi yikrisoprasi,* eseshumi nanye yihiyakinte,* eseshumi nambili yi-amethiste.*


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.


sinezivikelo zezifuba njengezivikelo zensimbi, nomdumo wamaphiko aso wawunjengomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijimela ekulweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ