Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsAmbulo 3:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 “ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsAmbulo 3:19
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu,


“Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo; ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.


Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*


Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; izithuko zabakuthukayo zingehlele.


Othethisa abezizwe, yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?


Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela; ozonda ukusolwa uyakufa.


Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe, kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.


Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.


Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela, bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.


Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela, ethi: ‘Ungishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka; ngibuyise ukuba ngibuye, ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


Uyakuthi kubo: ‘Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso.


Awuzwa zwi, awamukeli ukulaywa, awumethembi uJehova, awusondelanga kuNkulunkulu wawo.


“Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo.


Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.”


ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;


Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.


njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti bheka, siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,


Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba.


Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela,


Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ