Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsAmbulo 17:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele*, ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Owesifazane wayembethe okubukhwebezane nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe amahle namapharele, ephethe indebe yegolide esandleni sakhe; yayigcwele amanyala nokungcola kobufebe bakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Owesifazane wayevunule okububende nokubomvu, ehlotshiswe ngegolide namatshe anenani namaparele, enendebe yegolide esandleni sakhe, igcwele amanyala nokungcola kokuphinga kwakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Owesifazane wayevunule okububende nokubomvu, ehlotshiswe ngegolide namatshe anenani namaparele, enendebe yegolide esandleni sakhe, igcwele amanyala nokungcola kokuphinga kwakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsAmbulo 17:4
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelo zwe; benza njengazo zonke izinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


oyale ngayo ngezandla zezinceku zakho abaprofethi ngokuthi: ‘Izwe eniya kulo ukulidla liyizwe elingcolileyo ngenxa yokungcola kwabantu bezizwe ngezinengiso zabo eziligcwalisile ngokonakalisa kwabo, kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni.


Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu, kepha enikela nangegazi lezingulube, noshisa inhlaka, ebonga nesithombe, yebo, laba bakhethile izindlela zabo, nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehova eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe ziyahlanya.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


“Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na?


Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho, ukuze lishise, kushe ithusi lalo, kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwalo ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.


“ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.


Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu; onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho, isardiyu,* netopazi,* nedayimani,* neshohamu,* nejaspi,* nesafire,* nesimaragidu,* nekrisolithe;* nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide, zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Kepha unkulunkulu wezinqaba uyakumdumisa esikhundleni sabo, nonkulunkulu ababengamazi oyise uyakumdumisa ngegolide, nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo.


“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.


nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo


Yayisilandela enye ingelosi, ithi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.”


impahla yegolide neyesiliva, namatshe anenani, namaparele*, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu, nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe,


bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele!*


ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Amasango ayishumi nambili ayengamaparele* ayishumi nambili; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye. Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo.


futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ