Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsAmbulo 11:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Izizwe zathukuthela, kwasekufika ulaka lwakho, lesikhathi sabafileyo esokwahlulelwa, lokuthi unike umvuzo inceku zakho abaprofethi, labangcwele, lalabo abesaba ibizo lakho, abancinyane. futhi mkhulu; futhi kufanele abhubhise labo ababhubhisa umhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Izizwe zathukuthela, kwasekufika ulaka lwakho, lesikhathi sabafileyo esokwahlulelwa, lokuthi unike umvuzo inceku zakho abaprofethi, labangcwele, lalabo abesaba ibizo lakho, abancinyane. Futhi mkhulu; futhi kufanele abhubhise labo ababhubhisa umhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsAmbulo 11:18
48 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.


INkosi ingakwesokunene sakho; iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.


UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi:


Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.


Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;


Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi.


“ ‘Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni.


Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.


Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe, njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.”


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.


Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;


Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”


Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.”


Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


“Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ