Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Hoseya 9:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bazonakalisa ngokujulile njengasezinsukwini zaseGibeya; ngalokho uyakukhumbula ububi babo, ahambele izono zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Hoseya 9:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;


Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.


Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli.


Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi: “Bathanda ukuzula kanjalo, abazibambi izinyawo zabo; uJehova akathokozi ngabo; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.”


“Wena ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabantwana bakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: Thana wena: “ ‘Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi,


“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli; bema khona; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?


Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi: ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo.


“Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama; hlabani umkhosi eBeti Aveni: basemva kwakho, Benjamini!


Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.


Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.


umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.


Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.


Inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.”


Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo ensimini kusihlwa; lalingumuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, lagogobala eGibeya; kepha abantu baleyo ndawo babe ngabakwaBenjamini.


Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”


Babahaqa abakwaBenjamini nxazonke, babaxosha, babanyathela phansi endaweni yabo yokuphumula, baze bafika malungana neGibeya ngasempumalanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ