Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Hoseya 9:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithweni iGibithe liyakubabutha, iNofi libembele; izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane, kube ngameva ematendeni abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba bhekani, sebehambile ngenxa yokubhujiswa; izindawo zobumnandi besiliva labo liyakudliwa yizimbabazane; ameva ayakuba sematendeni abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Hoseya 9:6
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi, sisibekelwe phezulu ngezimbabazane, nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula, izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe; balidukisile iGibithe abangamatshe amagumbi ezizwe zalo.


Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.


Emhlabathini wabantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo,


Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi, izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo, libe yikhaya lamakhanka negceke lezintshe.


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe ngeyamakhakhasi nameva.


Nabantwana baseNofi naseThahipanesi baphuca ukhakhayi lwakho.


Ngalokho yazini nokwazi ukuthi niyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo endaweni enifisa ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.”


Izwi elafika kuJeremiya ngabaJuda bonke ababehlala ezweni laseGibithe, ababehlala eMigidoli, naseThahipanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lathi:


Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, baphele bonke, bawe ezweni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala, abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala, babe yisithuko, nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo.


Ngiyakubajezisa abahlala ezweni laseGibithe, njengalokho ngilijezisile iJerusalema, ngenkemba, nangendlala, nangesifo,


“Yazisani eGibithe, nizwakalise eMigidoli, nizwakalise naseNofi naseThahipanesi, nithi: ‘Suka ume, uzilungise, ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.’


Zenzele izinto zokuthunjwa, ndodakazi, ohlala eGibithe, ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo, lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakuzichitha izithombe, ngiqede onkulunkulu eNofi; akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe, ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.


Ngiyakuphemba umlilo eGibithe, iSini libe nemihelo emikhulu, iNo lifohlwe, iNofi lihlaselwe emini.


Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”


Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni, nanjengejuba ezweni lase-Asiriya, ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.


Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva, ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.


“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?


Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu, bafana nomnsalo ogejayo; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo. Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.


Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.


Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.


Hhewulani nina enakhe esiGqulweni, ngokuba bonke abantu abathengisayo bachithekile, bonke abathweswe isiliva banqunyiwe.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ