Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Hoseya 9:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yizihambi phakathi kwezizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Hoseya 9:17
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uMikhaya wathi: “Kuphila kukaJehova, lokhu uNkulunkulu wami akushoyo, lokhu ngiyakukhuluma khona.”


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


Ngikhumbulele, Nkulunkulu wami, ngenxa yakho konke engikwenzele laba bantu, kube kuhle kimi.


Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;


Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?


Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo, ngokuba uJehova ubalahlile.”


Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,


Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.’


“Bayakudla, bangasuthi kodwa; bayakufeba, bangandi kodwa, ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?


Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.


“Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonke abezizwe, njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo, kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.


Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?


Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’


Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula, ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”


“Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlale isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,


UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.


UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ