Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Hoseya 9:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire, utshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Ngimbonile u-Efrayimi enjengeThire, etshalwe endaweni evundileyo, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela izingane zakhe kumbulali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 U-Efrayimi, njengalokho ngabona iTire, litshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Hoseya 9:13
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.


Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.


Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.’


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.


“Wabiza njengasosukwini lomhlangano izesabiso zami nxazonke; akubangakho ngosuku lwentukuthelo kaJehova owasindayo nowasalayo. Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.”


uthi kulo iTire: Wena ohlala ekungeneni kolwandle, ongumthengi wabantu eziqhingini eziningi, iNkosi uJehova isho kanje, ithi: “ ‘Tire, wena ushilo ukuthi: “Ngiphelele ebuhleni.”


Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.


ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.”


Ngitheleka phezu kwabo njengebhere* elaphuciwe amawundlu alo, ngidwengula ubhedu lwenhliziyo, ngibadle njengengonyamakazi, isilwane sasendle sibaqaqe.


Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.


U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ