Hoseya 4:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,* ngokuba umthunzi wakho muhle; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202013 Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba, bashise impepho emagqumeni, phansi kwemi-okhi, kwemiphophula nemitherebhinte, ngokuba umthunzi walokho muhle. Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba, nomalokazana benu bayaphinga. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202413 Bahlabela eziqongweni zezintaba, benyusa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki, nemipopulari, nemifembe, ngokuba umthunzi wawo muhle; ngalokho amadodakazi enu ayaphinga, nabayeni benu bayaphinga. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxazonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama-oki* adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.