Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Hoseya 4:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,* ngokuba umthunzi wakho muhle; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba, bashise impepho emagqumeni, phansi kwemi-okhi, kwemiphophula nemitherebhinte, ngokuba umthunzi walokho muhle. Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba, nomalokazana benu bayaphinga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bahlabela eziqongweni zezintaba, benyusa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki, nemipopulari, nemifembe, ngokuba umthunzi wawo muhle; ngalokho amadodakazi enu ayaphinga, nabayeni benu bayaphinga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Hoseya 4:13
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,


Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova, lapho abesifazane bemelukela khona u-Ashera* amatende.


“Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo, niyangaze ngamasimu enawakhethayo.


nina enisha phakathi kwama-oki* phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?


Entabeni ende nephakemeyo uwubekile umbhede wakho; futhi wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na?


Wathatha ezingutsheni zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezingamagqabhagqabha, wafeba kuzo, okungazange kwenzeke nokungasoze kwenziwa.


Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ababuleweyo babo beyakuba phakathi kwezithombe zabo nxazonke zama-altare abo kuwo onke amagquma aphakemeyo, nakuzo zonke iziqongo zezintaba, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, naphansi kwawo onke ama-oki* adumbileyo, izindawo lapho bebenikela khona ngephunga elimnandi kuzo zonke izithombe zabo.


Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”


Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.


Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ