Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Hoseya 12:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 IKhanani linesilinganiso esikhohlisayo esandleni salo, lithanda ukukhahlameza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 IKhanani liphethe izikali zenkohliso esandleni salo, liyakuthanda ukuqola.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ungumthengisi, izilinganiso zenkohliso zisesandleni sakhe; uthanda ukucindezela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Hoseya 12:7
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.


Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova; zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.


Abantu bayakucindezelana, kube yilowo nalowo, yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; abantwana bayakubhensela abadala, nabadelelekileyo abanodumo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema, ithi: Ukudabuka kwakho nokuzalwa kwakho kungokwezwe laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, nonyoko wayengumHetikazi.


Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo, bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.


ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthenga wandisile imfuyo yakho; inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.


Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.


“Kepha manje,” usho uJehova, “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.”


Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,


Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi: “Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.”


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo.


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika, bathathe kuwo, bapheke kuwo, kungabe kusabakho mthengisi ngalolo suku endlini kaJehova Sebawoti.


Yathi: “Lokhu kungububi.” Wamphonsa phakathi kwe-efa, waphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo.


“Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.”


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ