Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Hoseya 11:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni, nanjengejuba ezweni lase-Asiriya, ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Bayakuza bethuthumela njengenyoni bevela eGibhithe, njengejuba bephuma e-Asiriya, ngiyakubahlalisa ezindlini zabo,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bayakuthuthumela ezweni lase-Asiriya njengenyoni nanjengejuba; futhi ngizobabeka ezindlini zabo,” kusho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Hoseya 11:11
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


“Ngobani laba abandiza njengefu, nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?


Bayakufika, bahlabelele ngokujabula ekuphakameni kwaseSiyoni, bagobhozele kukho okuhle kukaJehova, yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo, umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.


Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo, zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi* zejoka lazo, ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.


Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.


Khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuthabatha abantwana bakwa-Israyeli ezizweni lapho baya khona, ngibabuthe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo,


Bayakuhlala ezweni engilinike inceku yami uJakobe, ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo, nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade.


Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.


“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.


Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.


Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe, ngibabuthe e-Asiriya, ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni, abayikutholelwa indawo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakusindisa abantu bami ezweni lasempumalanga nasezweni lasentshonalanga,


ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ