Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Hoseya 10:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Nilime inkohlakalo, navuma ukungalungi, nidle isithelo senkohliso, ngokuba nethembela endleleni yenu nasebuningini bamabutho enu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nilima ububi, navuna ububi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nathembela endleleni yenu, ngobuningi bamaqhawe enu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Hoseya 10:13
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna.


Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”


Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.


Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.


Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe, kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.


Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.


Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.


Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.


ngosuku lokutshala kwakho, lapho ubiyela, nangokusa kokuhlwanyela kwakho, lapho wenza ukuba kuqhakaze, ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi nolobuhlungu obungenakupholiswa.


U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.


“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.


Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.


“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.


“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ