Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 9:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 zikhunjulwe lezo zinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Lezo zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizizukulwane ngezizukulwane kuyo yonke imindeni, izifundazwe nemizi. Izinsuku zePhurimi akumele zephulwe phakathi kwabaJuda, nokukhunjulwa kwazo kungapheli phakathi kwezizukulwane zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 nokuthi lezi zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizo zonke izizukulwane ngezizukulwane, nezifunda ngezifunda nawo wonke umuzi; nokuthi lezi zinsuku zePhurimi zingashabalali phakathi kwamaJuda, futhi inkumbulo yazo ingashabalali enzalweni yawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 9:28
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,


U-Esteri inkosikazi, indodakazi ka-Abihayili, noMoridekayi umJuda base beloba ngamandla onke ukuba baqinise le ncwadi yesibili yePhurimi.


Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,


Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.


“ ‘Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade.


Imiqhele iyakuba yisikhumbuzo sikaHelemi, nesikaThobiya, nesikaJedaya, nesikaHeni, indodana kaZefaniya, ethempelini likaJehova.


anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ