Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Yingakho abaJuda abahlala emizaneni engaphandle kwemizi, nalabo abahlala emizaneni, umhla ziyishumi nane ngenyanga u-Adari kuwusuku lwentokozo nedili, neholide abaphana ngalo izipho zokudla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngakho abaJuda bemizi ababehlala emizini engabiyelweyo benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube usuku lwenjabulo nolwedili nosuku oluhle, nolokuthumelelana izabelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 9:19
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, abaJuda babe nokuthokoza nokujabula, nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.


UMoridekayi waziloba lezo zindaba, wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ababe sezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, abaseduze nabakude,


njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.


yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo.


Kepha yiphani okungaphakathi kube yisiphiwo sabampofu, bhekani-ke, kobe kuhlambulukile konke kini.


“Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,


wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.


Yonke lena yayiyimizi ebiyelwe ngezingange eziphakemeyo, namasango, nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.


Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ