Esteri 8:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE10 Waloba egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, wakunamathelisa ngendandatho yenkosi, wazithuma izincwadi ngesandla sezigijimi zamahhashi, zigibela amahhashi anejubane, amahhashi enkosi akhethekileyo, အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202010 Lezo zincwadi bazibhala egameni lenkosi u-Ahasheveroshi; uMoridekhayi wazifaka isisicilelo sasebukhosini. Zathunyelwa ngezigijimi ezazigibele amahhashi anejubane, ayekhuliswe esitebeleni sasebukhosini. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202410 Yabhala egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, yanameka ngendandatho yenkosi, yathumela izincwadi ngeposi nabakhwele amahhashi, nabakhwele iminyuzi, namakamela, namakamela. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: “Nina bantwana bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.
Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.