Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yayisithi inkosi: “Ngubani osegcekeni na?” UHamani wayesand'ukungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Inkosi yayisibuza, yathi: “Ngubani osegcekeni?” UHamani wayesanda kungena egcekeni lesigodlo senkosi elingaphandle, ezokhuluma nenkosi ukuba kulengiswe uMoridekhayi esiphanyekweni ayemlungiselele sona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inkosi yasisithi: Ngubani osegcekeni? UHamani wayesengena egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukukhuluma nenkosi ukuphanyeka uMoridekayi emthini abemlungisele yona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 6:4
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.


Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu.


Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.


Inkosi yathi: “Ludumo luni nobukhulu buni okwenzelwe uMoridekayi ngalokho na?” Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: “Akenzelwanga lutho.”


Zathi-ke izinceku zenkosi kuyo: “Bheka, uHamani umi egcekeni.” Yathi inkosi: “Makangene.”


Wayesethi uHaribona, enye yezinduna ezaziphambi kwenkosi: “Bheka, umuthi okuphakama kwawo kuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, uHamani ayewenzele uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi, umi endlini kaHamani.” Inkosi yathi: “Mphanyekeni kuwo.”


Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo; isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela.


ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ