Esteri 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE2 Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20202 Ithe ukuba inkosi ibone indlovukazi u-Esteri imi egcekeni, yaba nomusa kuyo. Yayikhomba ngentonga yegolide eyayiyiphethe ngesandla. U-Esteri waya kuyo, wathinta isihloko sentonga yobukhosi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20242 Lapho inkosi ibona u-Esteri indlovukazi emi egcekeni, wazuza umusa emehlweni ayo; inkosi yelulela u-Esteri intonga yegolide eyayisesandleni sayo. Khona-ke u-Esteri wasondela wathinta isihloko sentonga yobukhosi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.