Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 5:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Umkakhe uZereshi nabo bonke abangani bakhe bathi kuye: “Tshela abantu bagxumeke isigxobo sokuphanyeka esingamakhubhithi angama-50 ubude, bese ucela enkosini ekuseni ukuba kulengiswe kuso uMoridekhayi, uhambe nenkosi uyozitika ukhululekile.” Leso seluleko samthokozisa uHamani, wayesesenza isiphanyeko.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Umkakhe uSereshi labo bonke abangane bakhe bathi kuye: “Mawuphakanyiswe ugodo oluyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nikhulume enkosini kusasa ukuba uMoridekayi alengiswe kuso; bese ungena ngokuthokoza kanye nenkosi esidlweni. Lendaba yaba mnandi kuHamani; futhi wenza ugodo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 5:14
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Abisalomu: “Ngena kuzo izancinza zikayihlo azishiyile ukuba zilinde indlu; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuba unengwa nguyihlo, ziqine izandla zabo bonke abanawe.”


Kepha akubangakho onjengo-Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.


Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: “Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa-Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.”


Yayisithi inkosi: “Ngubani osegcekeni na?” UHamani wayesand'ukungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.


Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.


Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala.


Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo; unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.


Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila.


Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.


abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ