Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 4:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 “Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi yilowo nalowo, owesilisa noma owesifazane, oza enkosini egcekeni elingaphakathi, engabizwanga, kumthetho wakhe munye ukuba ambulale ukuze amiswe, ngaphandle kwalabo inkosi eyokwelulela kubo intonga yegolide, ukuze aphile; kepha mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini lezo zinsuku ezingamashumi amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 4:11
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.


Yangena khona kusihlwa; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi, induna yenkosi, umgcini wezancinza, ingaphindi ingene enkosini, uma inkosi ingathokozanga ngayo, ibizwe ngegama.


Wayesethi u-Esteri kuHathaki, wayala ukuba kuthiwe kuMoridekayi:


Yayisithi inkosi: “Ngubani osegcekeni na?” UHamani wayesand'ukungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.


Inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide. Wayesesukuma u-Esteri, wema phambi kwenkosi.


lokuthi uma ningangazisi iphupho, umthetho munye nje ngani, ngokuba nilungisile amazwi amanga nawonakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi: ngalokho ngitsheleni iphupho, ngize ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.”


Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ