Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 3:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Izigijimi zashesha zahamba ngezwi lenkosi. Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi, baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Izigijimi zashesha njengoba zaziyalwe yinkosi; kwashaywa umthetho enhlokomuzi iShushani. Inkosi noHamani bahlala phansi baphuza, kodwa kwaba nokudideka okukhulu emzini iShushani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Izigxobo zaphuma ngokuphangisa ngesiyalezo senkosi, futhi umyalo wakhishwa endlini yenkosi uSusan. Inkosi noHamani bahlala phansi ukuba baphuze; kodwa idolobha likaSusan lalididekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 3:15
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.


Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.


Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi


“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.


Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.


ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.


Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.


“Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,


Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.


Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yayiselulela izideleli isandla.


Baphuza imikhele yewayini, bazigcoba ngamafutha amahle, kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ