Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 U-Esteri waba nogazi, wathandeka kuHegayi, futhi wafumana umusa kuye, washeshe wamnika okokuziqhola nesabelo sakhe sokudla kwekhethelo. Wamnika indawo enhle kakhulu esigodlweni, waqoka izintombi eziyisikhombisa ezikhethekile esigodlweni ukuba zimnakekele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Intombi yamthokozisa, yathola umusa kuyo; washesha wamnika izinto zakhe zokuhlanjululwa, nakho konke okwakhe, nezintombi eziyisikhombisa abemelwe ukuziphiwa, ziphuma endlini yenkosi; wamkhetha yena nezincekukazi zakhe phezu kwendawo enhle kunazo zonke yendlu yabesifazane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 2:9
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.


UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.


uthethelele abantu bakho abonile kuwe nazo zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo, ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe.


u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.


Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u-Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwaliswa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure* nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane


inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.


Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.


Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ