Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele,* nangamatshe amnyama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Igceke lalihlotshiswe ngamakhethini kakotini amhlophe naluhlaza okwesibhakabhaka, kunemichilo yelineni elicolekileyo nebukhwebezane, kuboshelwe kokusandilinga kwesiliva ezikwedlaneni zemabuli. Izihlalo zokuphumula ezenziwe ngegolide nesiliva zibekwe egcekeni elaligandaywe ngemabuli emhlophe, amagwadle abomvu, amagobolondo ahlotshiswe ngaphakathi acwebezelayo, netshe eliyigugu eliluhlaza sasibhakabhaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kwakukhona izilenge ezimhlophe, nokuluhlaza nokuluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nokububende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe, imibhede yayiyigolide nesiliva endaweni egandayiweyo ebomvu, nokuluhlaza, nokumhlophe, nokumnyama, nemabula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 1:6
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi, ingene endlini yedili lewayini, uHamani wayesewele embhedeni u-Esteri ayekuwo. Yayisithi inkosi: “Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na?” Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.


Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.


“Wolenza itabernakele* ngezilenge eziyishumi; zona wozenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zibe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti.


wahlala embhedeni omuhle, itafula elilungisiweyo liphambi kwawo, owabeka kulo impepho yami namafutha ami.


bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe, kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa, abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”


Balele emibhedeni yophondo lwendlovu, bacambalala ezinkukhweni zabo; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.


Kepha wala wathi: “Angiyikudla.” Kodwa zamcindezela izinceku zakhe kanye nowesifazane, walilalela izwi labo. Wayesevuka emhlabathini, wahlala embhedeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ