Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Esteri 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yayisisho inkosi kwabahlakaniphileyo abazazi izikhathi ngokuba yayinendlela enjalo inkosi phambi kwabo bonke ababewazi umthetho nokwahlulela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Kwakuwumkhuba wenkosi ukubuza maqondana nezinto eziphathelene nomthetho nokwehlulela, kubeluleki,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Inkosi yasisithi kwabahlakaniphileyo ababezazi izikhathi, ngoba sasinjalo isimo senkosi kubo bonke ababewazi umthetho lokulunga:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Esteri 1:13
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kubantwana bakwa-Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu-Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.


KuZebuloni abangaphuma impi, bayihlele impi benezikhali zonke zokulwa, yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, bezihlela nganhliziyonye.


Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.


Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.


Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.


Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, nabathwebulayo, nabalumbi, namaKaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bema phambi kwenkosi.


UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangeyibonise yona inkosi.


Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: “Ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende, abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”


kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?


UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ