Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




EkaJuda 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa yilokhu kulahlwa, abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngokuba abathile sebengene isinyenyela phakathi kwenu, okwalotshwa ngabo phambilini ukuthi bamiselwe ukubhujiswa njengabangalungile. Bahlanekezela umusa kaNkulunkulu wethu, bawenze ube yizaba zokwenza amanyala, beyiphika iNkosi yethu uJesu Khristu okunguYena kuphela uMbusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




EkaJuda 1:4
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa.


Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo,


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.


kepha abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona,


Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila,


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.


ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;


Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.


uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika;


Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo,


njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.


netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo;


Uma olungileyo esindiswa kalukhuni, uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?


ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,


noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa –


kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.


ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.”


abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.


ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele, nezizwe zonke ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ