Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




EkaJuda 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




EkaJuda 1:13
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.


Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo, ngokuba alunakuphumula, namanzi alo akhipha udaka nobishi.


abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.


nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,


noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ