Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




EkaJakobe 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Munye oshaya umthetho nongumehluleli, nguYena onamandla okusindisa nokubhubhisa. Pho-ke ungubani wena owehlulela umakhelwane wakho na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Munye ummisimthetho, onamandla okusindisa nokubhubhisa; ungubani wena owahlulela omunye na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Munye ummisimthetho, onamandla okusindisa nokubhubhisa; ungubani wena owahlulela omunye na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




EkaJakobe 4:12
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.


Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.


Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.


ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.


Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.


O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”


Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele, abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo.


“Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na?


UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese na? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ