Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 99:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 99:1
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye, besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.*


Thuthumelani ebusweni bakhe, mhlaba wonke; izwe lihlala liqinile, alinakushukunyiswa.


Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; washweza ngamaphiko omoya.


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase, uze ukusisindisa.


Abanakwazi, abanakuqonda, bahamba ebumnyameni; izisekelo zonke zomhlaba ziyazamazama.


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.


Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele; thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke.


UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.


Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.


Ngiyakuhlangana nawe khona, ngikhulume nawe, ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa-Israyeli.


UJehova uthulule umoya ophambeneyo phakathi kwabo, baze balintengantengise iGibithe kuyo yonke imisebenzi yalo njengesidakwa sintengantenga ebuhlanzweni baso.


Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama; onke amagquma anyakaza.


Ngomsindo wokuwa kwabo umhlaba uyazamazama; ngukukhala okumsindo wakho uzwakele ngaseLwandle Olubomvu.


Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.


Ngomsindo wokuthathwa kweBabele umhlaba uyazamazama, ukukhala kuzwakale phakathi kwezizwe.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,


Wathi-ke: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.


“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,


ethi: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa;


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, nezintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ