Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 98:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Hlokomani kuJehova ngezwi lokuhalalisa, nihlabelele ngenjabulo, nihube.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Hlokomelani uSimakade mhlaba wonke, qhumukani, nihlabelele ngenjabulo, nihube amahubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 98:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke.


Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.


Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela*


Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela*


Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho, Nkulunkulu wami, ngogubhu lwezintambo; ngizakukudumisa ngehabhu* wena oNgcwele ka-Israyeli.


Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.


Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, sihlabelele kuye ngamahubo.


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


Ihlane nemizi yalo makujabule nemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari, bahube abakhile emadwaleni, benanele beseziqongweni zezintaba.


Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,


Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ