Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 97:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ukukhanya kuhlwanyelwa olungileyo, nenjabulo kwabaqotho ngenhliziyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 97:11
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.


Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini; noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.


Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa, ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.


Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.


Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.


Hlabelelani kuNkulunkulu, nidumise igama lakhe; menzeleni umendo lowo odabula amahlane; igama lakhe linguJehova; yethabani phambi kwakhe,


Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.


Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ