Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




AmaHubo 94:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Babuthanela umphefumulo wolungileyo, balilahle igazi elingenacala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




AmaHubo 94:21
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na?’ Bese wukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNaboti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”


Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.


Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.


Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami.


Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.


Deda ube kude nendaba yamanga; ungambulali ongenacala nolungileyo, ngokuba angiyikumyeka owonileyo.


Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala,


ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.


Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.


Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”


Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.


Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.


“ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.


Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”


Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;


wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.” Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.”


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani.


Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ